this is a grade 12 matric essay that is written in zulu, the essay talks about a relationship between the public and government. Why is it important for the community to work together with government? What happens if the government doesnt listen to the people? We will explore the essay below.
Ukubambisana kulapho abantu abaningi besebenza ndawonye, noma umphakathi uhlanganyela ekwenzeni into, ukubambisana kuyindlela yokusizana. Lapha sizobheka ukubambisana phakathi kukahulumeni kanye nezakhamuzi. Umsebenzi kahulumeni ukubhekelela izakhamuzi, uma uhulumeni ehambela kude nezakhamuzi akubi khona ukujabula ezweni, ngoba uhulumeni uphila ngentela yethu, akasoze abakhona uhulumeni ngaphandle kwabantu. Emzweni amaningi kuba nendlala, imisebenzi ingabi khona, uhulumeni abe nenkohlakalo adle izimali umphakathi ulambile kulaphoke uhulumeni ediswa ukwethuswa ngoswazi.
Ukubambisana phakathi komphakathi nohulumeni kuyasiza ngoba uhulumeni akazi ngempela ukuthi umphakathi ufunani, ngabantu abazotshela uhulumeni ukuthi bafuna imigaqo endaweni ewukuthi, bafuna amanzi ezindlini endaweni ewukuthi. Uma uhulumeni ebambisene nomphakathi intuthuko nenqubekela phambili izobakhona , isibonelo: umasipala akawazi ukubona uma ipayipi lamanzi liqhumile, abantu kumele bafonele umasipala uma kunepayipi eliqhumile uma lokho kungenzeki umasipala uzolahlekelwa yimali eningi ngamanzi achithekayo angayi ezindlini zabantu.
Lapho uhulumeni engabambisene nomphakathi kujwayele ukusuka izidumo nezibhelu abantu bevala imigaqo beshisa amathayi ngoba abeneme indlela uhulumeni obathatha ngayo, uma uhulumeni engazixaki ngezidingo zabantu abantu bazoyeka ukumvotela. uzobona kuhlale kunokungezwani phakathi kukahulumeni nabantu, abanye abantu baze bathi "ngizovotelani ngoba uhulumeni akangisizi ngalutho"
Amaphoyisa ayizithunywa zikahulumeni, amele uhulumeni ukugcina umthetho, isikhathi esiningi ke umphakathi awusebenzisani namaphoyisa ukukhipha izigebengu, abantu bafuya izigebengu ezaziwayo emphakathini kodwa bangabambisani nohulumeni ekutheni zicetshwe noma ziboshwe. ngesinye isikhathi kuba nezigameko zobugebengu kubekhona abasondelene nalowo abaziyo ukuthi ubani wenza ukuthi ngenxa yokuthi uhulumeni akabambisene nomphakathi uma ungayompimpa isigebengu uhulumeni uzobuya athi "wena uthe usipho untshontshile" umphakathi awukuthandi lokho ngoba isigebengu sizobuya nabangani baso ejele bakubulale. Ukuba uhulumeni uyabambisana nomphakathi ngabe uyazi ubungozi bokumpimpa umuntu, ngabe lokhu kwenziwa imfihlo, izizathu ezinje zenza umphakathi ungabambisani nohulumeni.
ukubaluleka kobuchwepheshe esikhathini samanje English article
ukubaluleka kobuchwepheshe esikhathini samanje ngesizulu
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
Uma kukhona isihloko se essay osidingayo ongasitholi sicela wenze icomment lapha ngezansi sizozama okusemandleni ukukusiza
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |